Izigebengu zithathe amahora amane ukweba umentshisi

2017-01-30 13:01

Johannebsurg - Akukaboshwa muntu ngemuva kokuba izigebengu ezingu-8 zithathe amahora amane ukulayisha amabhokisi kamentshisi wakwa-Lion emalolini amabili eSebenza, eKempton Park, e-East Rand.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseSebenza uConstable Patrica Mgijima, lezi zigebengu bezihlomile, kubika iKempton Express.

OLUNYE UDABA: I-video: Izigebengu zibamba inkunzi eThekwini

"Lezi zigebengu kusolwa ukuthi zibophe onogada ababili izandla nezinyawo, abebesebenza ngaleso sikhathi ngaphambi kokungena ngaphakathi emagcekeni aseQuality Products kuBrine Street ngezithuba zabo-09:30."

UMgijima uthe izigebengu ezimbili zaqashiswa onogada kwathi ezingu-6 zangena ngaphakathi efemini.

Ngemuva kwamahora amane belayisha amabhokisi omentshisi emalolini, onogada bezwa amaloli esesuka ehamba ngezithuba zabo-02:00.

Izigebengu zisagcwele amathafa kanti impahla eyebiwe ayaziwa ukuthi ngeyamalini.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.