Izigidi zokuvala esikaBilliat

2017-11-09 18:00

Durban - IMamelodi Sundowns isikhiphe itshe lemali yalibeka eceleni ukuze ithenge umdlali weMaritzburg United ukuvala isikhala sikaKhama Billiat okuthiwa ufuna ukuhamba kule kilabhu.

Inkontileka kaBilliat neDowns iyaphela uma kusongwa isizini, kubika ILANGA.

IDowns isizame kaningi ukuba lo mdlali elule inkontileka kodwa uyanqaba. IChiefs kuvela ukuthi imeshela isinyenyela kanti lo mdlali kuthiwa usayilindisile njengoba kukhona namakilabhu ase-Europe amfunayo.

Leli phephandaba lithole ukuthi iDowns isibeke eceleni u-R6 million efuna ukuthenga ngawo u-Evans Rusike weMaritzburg. Kuthiwa uPitso "Jingles" Mosimane ongumqeqeshi weDowns uzimisele ngokuthi lo mdlali kube nguyena ovala isikhala sikaBilliat uma kungukuthi ugcina ngokuhamba.

OLUNYE UDABA: Pitso: UBilliat ufuna ukuyishiya iSundowns

Leli phephandaba lithinta uThulani "TT" Thuswa wezokuxhumana kwiDowns uthe okwamanje akukho angakuphawula ngodaba oluthinta abadlali ababafunayo ngoba isikhathi asikabavumeli.

Uthi ngodaba lukaBilliat kusathule njengoba kuyikhalenda lemidlalo yeFifa.

UFarook "Ntshebe" Kadodia ongumnikazi weMaritzburg uthi uzimisele ngokumdedela uRusike uma kukhona ozoqhamuka dnento ehambisana naye.

"Okwamanje akekho oseze kimi kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi uRusike usendalini uma kukhona omfunayo ngingamlalela ukuthi uza nani. Uma ngigculiseka ngizomdedela," kusho uKadodia.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.