Izihlabani zabaculi baphesheya zizonandisa emadolobheni amane kuleli

2017-07-31 09:31

Cape Town – Inkampani ehlela imicimbi, iBig Concerts, ikuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi izihlabani zabaculi be-R&B (The Legends of R&B) zizobuyela eNingizimu Afrika ngoDisemba 2017 nalapho kuzobe kukhona phakathi kwabanye babaculi uBrian McKnight kanye noBrandy.

Umcimbi wakulo nyaka uxhaswe yi-East Coast Radio, i-947, i-Kfm 94.5, iChannel24 kanye ne-Mzansi Magic.

Amathikithi azoqala ukudayisa eBig Concerts ngomhlaka-2 ku-Agasti, ngoLwesithathu, ngo-9:00 ekuseni. UBrian McKnight ungomunye wabaculi abahlonishwayo emculweni we-R&B kanti usekhiphe ama-albhamu angu-30 kuze kube manje.

OLUNYE UDABA: Inkampani yomculo izokwethula ama-Awards amasha eMzansi

Ngakolunye uhlangothi uBrandy naye waziwa ngamanoni amaningi kuma-albhamu akhe ahlukene okubalwa ne-albhamu yakhe eyayishisa izikhotha esihloko sithi Never Say Never kanti uthathwa njengomunye wabaculi besifazane baseMelika abasadayise kakhulu umculo emlandweni.

Imininingwane yale micimbi:

Pretoria
Saturday 9 December 2017
Sun Arena, Time Square
Ticket Price: R480 – R945 

Johannesburg

Sunday 10 December 2017
Ticketpro Dome
Ticket Price:  R480 – R1000

Cape Town 

Tuesday 12 December 2017

Grand Arena, GrandWest

Ticket Price:  R480 – R945 

Durban

Thursday 14 December 2017
Durban ICC
Ticket Price:  R425 – R845

Amathikithi azoqala ukudayiswa ngoLwesithathu, nomhlaka-2 Agasti ngo-09:00 eBig Concerts

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.