Izikhulu ze-ANC zithi zizophusha uZuma ukuthi ehle ngempelasonto

2017-05-25 12:33

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma uzobe ebhekene nempi kule ngelasonto ngaphakathi ku-ANC uma ngabe izikhulu eziphezulu zeqembu ziphusha indaba yokuthi iNational Executive Committee (NEC) imyalele ukuthi ehle esikhundleni.

UZuma uzoya kulo mhlangano wekomiti eliphezulu leqembu ebheke nezinga eliphezulu lokuphikiswa kwi-ANC kanjalo nasombimbini lwayo lwabasebenzi kanye namakhomanisi.

USekela Mengameli uCyril Ramaphosa uhambe emagameni eSouth African Council of Churches ngeSonto ngokuthi athi izwe lisengcupheni yokuba “yizwe elibuswa ngobugebengu obuhleliwe”.

OLUNYE UDABA:I-IFP idle umhlanganiso eNquthu

Yize noma okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa, ekuphikile ukuthi udaba lokukhishwa esikhundleni kukaMengameli Zuma kuzokhulunywa ngalo kulo mhlangano wezinsuku ezintathu wesigungu esiphezulu seqembu ozoqala ngoLwesihlanu, amalungu amane aphezulu athe azoluphoqa lolu daba ukuthi kukhulunywe ngalo emhlanganweni.

Laba bacele ukuthi bangadalulwa ngoba abavumelekile ukuthi bakhulume nabezindaba.

Yine noma uZuma aphunyula emkhankasweni wokumkhipha esikhundleni emhlanganweni we-NEC ngoNovemba, kodwa ukugxekwa kwakhe kulokhu kukhule njalo njengoba seliya ngasekupheleni ihlandla lakhe njengoMengameli we-ANC ngoDisemba.

Yize noma kuyiPhalamende kuphela elingakwazi ukukhipha umengameli ngokusemthethweni, i-NEC ingakwazi ukuyalela uZuma ukuthi ehle esikhundleni njengoba yenza kuThabo Mbeki ngonyaka ka-2009, noma iyalele amaLungu ayo ePhalamende angu-62% ngokwezihlalo, ukuthi amkhiphe kwesobumengameli. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.