'Izikole ziyizindawo ezinodlame, othisha bahlalele ovalweni'

2017-06-15 12:32

Johannesburg- Othisha baseNingizimu Afrika abangamaphesenti angu-20 bakholwa wukuthi izikole ziyizindawo ezinodlame futhi basola ukuthi abafundi kanye nozakwabo bahlale behlomile.

Lokhu kungokusho kocwaningo olwenziwe yiHuman Sciences Research Council kanye noMnyango wezeMfundo phakathi kothisha abangaphezu kwabangu-20 000 ezikoleni ezingu-1 380 ezweni.

Othisha abangamaphesenti angu-17 babike ngezimpi ezibandakanya izikhali ezikoleni kanti othisha abangu-13: bona bakholwa wukuthi amaqembu ezigebengu asebenza ngaphakathi ezikoleni.

OLUNYE UDABA:"Uthisha ugwaze umfundi"

Izigameko eziningi zodlame ezibikwayo ziphakathi kwabafundi bebodwa noma phakathi kwabafundi nothisha.

Isikhulu esiphezulu senhlangano iNational Professional Teachers' Organisation of SA, uBasil Manuel, uthe izolo (ngoLwesithathu) kamuva nje uthishanhloko waseLavender Hill eWestern Cape ugwazwe ngumzali owaphinde wabuyela esikoleni "eseyomqedela".

Okhulumela owezeMfundo u-Elijah Mhlanga uthe, uMnyango "ukhathazeke kakhulu" ngodlame oluqhubeka ezikoleni.

"Sikhathazeke kakhulu ngodlame oluqhubeka ezikoleni.

"Kuyinkathazo kakhulu uma lolu dlame selubhekiswe kothisha, umsebenzi wabo okungukufundisa abafundi.

"Kuthanda ukuba nzima uma sekufanele bafundise bebe becabanga nokuzivikela. Abanye abafundi basebenzisa izikhali kanti njengoMnyango angeke sikwazi ukukuvumela lokhu," ephetha.

 - TimesLIVE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.