Izindaba ezinhle nezimbi kwiDowns

2016-11-17 13:33

Johannesburg - Izindaba ezinhle kwiMamelodi Sundowns kulandela ukubuya komdlali odabuka eColombia, uLeonardo Castro, ngaphambi komdlalo wayo we-Absa Premiership neKaizer Chiefs.

AmaBrazilian kulindeleke adlale neChiefs eLoftus Stadium eTshwane ngoMgqibelo ngo-15:30.

Ukubuya kukaCastro obelimele nokho kuze ngesikhathi lapho uPitso Mosimane enokukhathazeka ngabadlali basemuva.

OLUNYE UDABA: UPitso uthi iChiefs inamathuba angcono kuneDowns

USiyanda Zwane no-Anele Ngcongca okwamanje kunokungabaza ukuthi bazowudlala lo mdlalo kulandela ukulimala kwabo, ehlombe nasedolweni, ngokulandelana kwabo kanti kulindeleke ukuba bahlolwe ngaphambi komdlalo ukuthi bakulungele yini ukudlala.

UTebogo Langerman, owadedelwa yiBafana Bafana ngeledlule ngenxa yokulimala naye, ubonakale ezilolonga neqembu namhlanje ekuseni eChloorkop, kodwa kulindeleke ukuba isimo sakhe sibhekisiswe.

Omunye umdlali waseMzikayise Mashaba namanje usalimele, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.