Izingane akumele engabe zithola abantwana – kusho uNgqongqoshe

2017-10-04 18:01

Bushbuckridge – UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi usexwayise amantombazane asemancane ukuthi ukujaha ukushiya isikole kusasekuseni kusho ukuzibeka engcupheni yokuhlukunyezwa.

"Njengamanje maningi kakhulu amantombazane asemancane ashiya isikole bese eba ukudla kwenduku, ukunukubezwa ngokocansi kanti amanye akhulelwa esemancane, nokuwabeka engcupheni yokuthola i-HIV nezifo ezisulelana ngokocansi," kusho uMotsoaledi.

UMotsoaledi ubekhuluma nomphakathi waseThulamahashe, eMpumalanga, ngoLwesibili, ngosuku lokuqala lomkhankaso iRotary Family Health Day.

"Njengomphakathi kumele nibambisane ekuqinisekiseni ukuthi amantombazane nabesifazane abasebancane bakhula kahle. Lokhu kubandakanya nabesilisa.

"Nginxusa abasebenzi bezempilo baqikelele ekutheni bahlinzeka intsha ngosizo lwezempilo olufanele. Lokho kumele kwenziwe ngaphandle kokwahlulela, ikakhulukazi uma bezohlela umndeni, behlolela i-HIV noma bezolanda amakhondomu," esho.

Uthe ukungenelela kukahulumeni kulo mphakathi kusize kakhulu njengoba sesehlile isibalo samantombazane amancane aba nezingane.

"Sehlile isibalo sezingane ezingaphansi kuka-18 ubudala ezithola abantwana. Ngo-2015, angu-1 417 amantombazane angaphansi kuka-18 athola abantwana kulesi sifunda, ngo-2016 lesi sibalo sehla ngo-145."

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.