Izingane ezimbili zishe zangqongqa nendlu

2017-08-30 11:02

Johannesburg - Izingane ezimbili zishe zangqongqa ngemuva kokuba unina ezishiye zodwa endlini ngoLwesibili.

Lesi sigameko esishaqisayo senzeke ePlaas Mount Stuart Schuidrift eMusina, esifundazweni iLimpopo. 

Ngokusho kwamaphoyisa, owesifazane ushiye zodwa izingane zakhe ezimbili zilele, waya kwenye indlu eyopheka.

Enye yezingane inezinyanga ezingu-20 kanti enye ineminyaka emithathu ubudala.

OLUNYE UDABA: OKlebe bashaqekile ngencwadi yendodana kaZuma

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uMoetshe Ngoepe uthe ngesikhathi esapheka, uzwe omakhelwane behayiza, bebiza igama lakhe.

"Uphume ngokushesha, wabona indlu abeshiye kuyona izingane zakhe ivutha.

"Zombili izingane zishe zangqongqa.”

UNgoepe uthe imbangela yomlilo ayikaziwa okwamanje.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.