Izingane okuthiwa unogada wazinukubeza ngokocansi, seziphinde 'zanukubezwa' yiphoyisa

2018-03-14 09:40

Johannesburg – Isikole samabanga aphansi eSoweto, okuthiwa unogada wakusona wanukubeza izingane ezingu-87 ngokocansi, sesibhekene nenye ingwadla njengoba sekuboshwe umseshi wecala ngezinsolo ezifanayo.

UMnyango wezeMfundo eGauteng ngoLwesibili, uthi umseshi usolwa ngokunukubeza ngokocansi izingane ezimbili zase- AB Xuma Primary School.

Okhulumela uMnyango uSteve Mabona uthi isigameko kuthiwa senzeke ngoMsombuluko, Mashi 12 ngesikhathi umseshi ehambele kulesi sikole eyolungiselela izingane ukuya enkantolo.

OLUNYE UDABA: Udedelwe ngebheyili osolwa ngetulo lokubulala umyeni

"Kuthiwa umsheshi ufike wanukubeza izingane ezimbili ezenza u-Grade 3, eneminyaka eyisikhombisa nenye eneminyaka engu-8 ubudala,” esho.

"Izingane sezibe yizisulu zokunukubezwa ngokocansi izikhawu ezimbili manje, zinukubezwa ngabantu abahlukene.”

Lolu daba ludluliselwe kwi-Family and Child Services, nokuyilapho kukhulunywe khona nezingane kanye nabazali bazo.

Umseshi osengumsolwa usekhisiwe kuleli cala, kanti abazali bamvulele icala esiteshini samaphoyisa e-Orlando.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.