Izingane zesikole engozini embi eShowe

2017-08-15 16:01

Durban - Ishe kwavalwa ngehlahla ekuseni namhlanje ngoLwesibili endaweni yakwaNyembe, eShowe enyakatho neKwaZulu-Natal, ngesikhathi kuphenduka iveni nezingane zesikole zaseMphezeni High School kuyona le ndawo. 

Kulesi sigameko kushone umfundi oyedwa okunguMandla Zibane, 14, kanti kubikwa ukuthi abafundi abali-13 baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima. 

Umthombo weLANGA uthi lemoto ibilibangise edolobheni eShowe yase igibeza izingane kanti izoqhunyelwa yisondo bude-buduze nasesikoleni endaweni okuthiwa yiseziBomvini. Uthi le moto ibithwele nezimbuzi kuhlangene konke nabafundi.

"Umshayeli uzamile ukuyilawula imoto yaphenduka yabheka phezulu zachitheka izingane. Isimo sazo sibucayi kakhulu, zilimele kanzima," kusho umthombo.

USihlalo wesigungu sabazali kulesi sikole uMnu Zakhele Mthimkhulu uthi lemoto ibihambise izimbuzi edolobheni eShowe okungumsebenzi wayo wosuku nosuku ngoba umnikazi wayo unebhizinisi lokuzidayisa. Uthi ngenxa yokuthi izingane zihamba ibanga elide uma ziya esikoleni, uzimelile umshayeli wazigibeza ethi uyazisiza kanti kuzokwenzeka le ngozi.

"Mina ngikhala kakhulu ngokuthi kungani izingane zinganikezwa ibhasi lazo ngoba ibanga ezilihambayo lingaphezulu kuka-4 kilometre," kusho uMnu Mthimkhulu.

Okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Kwazi Mthethwa uthi bakhathazekile kakhulu ngezingozi ezilokhu ziphazamisa abafundi ezikoleni.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Zisale enkundleni izigebengu ku-M13 ePinetown

"UNgqongqoshe udlulisa amazwi enduduzo emndenini olahlekelelwe nakubangani nezihlobo. Ufisela nalaba abasezinhlungwini ukuba balulame ngokukhulu ukushesha. NgoMgqibelo besifihla abanye abafundi abahlanu abalimale kushayisana izimoto nokubukeka sekuyinto ethanda ukwanda," kusho uMnu Mthethwa.

Uthi bayakugxeka kakhulu ukugitshezwa kwabafundi ezimotweni okwenziwa ngabantu abangagunyaziwe umnyango wezemfundo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko esenzeke ekuseni ngehora lesi-7 wathi icala lokubulala ngokungenhloso livulwe esiteshini samaphoyisa eMbongolwane kusaphenywa.

"Emotweni bekukhona abagibeli ababili nezingane zesikole ezili-14, abasindile baphuthunyiswe esibhedlela," kusho uColonel Mbhele.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.