Izingane zesikole zithunyelwa emakhaya uma zidinga izindlu zangasese

2017-03-24 11:01

Colchester – Othisha basesikoleni samabanga aphansi e-Eastern Cape bathumela izingane ukuthi ziyosebenzisa izindlu zangasese zasemakhaya ngesikhathi sokufunda ngoba izinsiza zasezindlini zangasese sezisiphuliwe, kubika iGroundUp.

Amathoyilethi asesikoleni iColchester Primary School, kuMasipala iNelson Mandela Bay, awasebenziseki.

Uthishanhloko, uMervin Fortuin, usesebenze kulesi sikole iminyaka engu-16 kanti uthi selokhu kwathi nhlo kuhlale kunenkinga yokucekelwa phansi kwempahla.

“Sengichithe isikhathi esiningi ngizinikele ekuphuculeni izinga lemfundo kulo mphakathi, kodwa manje sengizizwa ngikhathele futhi ngilahlekelwa yithemba.”

OLUNYE UDABA: Zimkhalele odlwengule intombazne ebiyozikhulula ethoyilethi

UFortuin uthi uMnyango wezeMfundo usunikeze lesi sikole yonke into esiyidingayo. Kodwa-ke inkinga ubugebengu obenziwa abahlali “abangenandaba” abasiphula kwasani esansimbi kule zindlu zangasese, okubalwa ompompi kanye nezindlu zikagesi.

Ngonyaka odlule, izindlu zangasese zalungiswa ngosizo lwesinye isikole, iVictoria Park Primary School, esisePort Elizabeth.

Kodwa-ke uFortuin uthi akuphelanga ngisho inyanga silungisiwe, izigebengu zaphinde zagadla futhi, zahlephula yonke into. Lokhu kubashiye bengenazo izindlu zangasese kusukela esigabeni sokugcina sonyaka odlule.

“Kumele sithumele izingane emakhaya azo uma zifuna ukuzikhulula.”

Uthi kufana nokudlala kanye nokumosha imali yesikole, "nayo engekho", ukuhlale njalo belungisa izindlu zangasese zesikole. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.