Izingane zidube ukufunda esikoleni esiseThekwini zikhala ngothisha ozicwasayo

2018-03-06 12:48

eGoli - Kube muncu abafundi behlueka ukulawula ulaka lwabo baduba ngisho uthishanhloko obenxusa ukuba behlise ulaka.

Abafundi basesikoleni iParkhill Secondary School, eGreenwood Park, eThekwini, bashiye phansi ukufunda bekhala ngothisha obacwasayo.

Isimo sishube kakhulu ngesikhathi abafundi bephuma bagcwala ngaphakathi nangaphandle kwamagceke esikole bachitha nemigqomo kadoti.

ISunTeam ifike abafundi sebephuma esikoleni belibangise esitobhini samabhasi bebuyela emakhaya.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Injabulo abafundi benikezwe amabhayisikili abhalwe amagama abo

Bakhona nabazali abafikile bezolanda izingane zabo besaba ukuthi zingahle zilimale kulo mbhikisho.

Uthishanhloko uzamile ukunxusa izingane ukuba zibuye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. AbeDaily Sun bafike kulesi sikole abafundi sebesendleleni belibangise emakhaya.

Uthishanhloko wesikole uthe: "Sisazama ukuxazulula isimo."

Omunye umfundi uthe selokhu afika kulesi sikole lo thisha obafundisa i-Life Orientation, uyabacwasa.

"Lokhu kwaqala ngisenza uGrade 8 ngisafika kulesi sikole lo thisha esibiza ngezinkawu ezifanelwe wukuba se-zoo, kulo nyaka ngenza uGrade 11 kanti futhi usaqhubeka nokukhuluma amagama acwasayo," kusho lo mfundi. 

Omunye umfundi uthe bafuna uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ungenelele ngoba lo thisha ukhuluma amagama ahlabayo kubo ngaphandle kwesizathu.

"Lokhu akakwenzi kubafundi abamnyama kuphela kodwa nakulabo abangamaKhaladi.

"Nathi abazali bethu bayasikhokhela ukuthi sifunde lapha, kungani kumele siphathwe ngendlela ehlukile," kusho omunye umfundi.

UKwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo e-KZN ukugxekile ukucwasa kwanoma ngabe iyiphi indlela wathi unxusa ukuba labo abakwenzayo bajeziswe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.