Izingane zihlasele uyise zimsola ngokubulala umama wazo

2017-09-20 18:01

Thokoza - UBen Maphanga uthi umkakhe washona ngonyaka odlule kodwa izingane zakhe zisola yena ngokumbulala.

Umkakhe uPinkie Maphanga, 64, washona ngonyaka odlule ngemuva kokugula isikhathi eside, kodwa amadodakazi akhe amabili angamawele asola yena ngokumbulala.

Uthi lezi zingane zaqale zazama ukumdlisa ushevu ngonyaka odlule kodwa wasinda.

Ukuze azivikele futhi asindise impilo yakhe, uBen wanquma ukuphuma emzini wakhe oseThokoza, eKurhuleni wayoqasha igumbi komunye umuzi.

Uthi ngesonto eledlule wathi uma efika endlini aqashe kuyo wathola amadodakazi akhe emlindile.

Kulokhu, amthela ngamanzi abilayo axutshwe namafutha.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa usemkhomba njengelanga lishona ubaba wengane uDineo

“Ngabalekela emgwaqeni ngicela omakhelwane ukuba bangisize. Babiza abezimo eziphuthumayo bangihambisa esibhedlela,” kusho yena.

Lo baba uthi akakholwa ukuthi izingane zakhe zifuna ukumbulala ngale ndlela kodwa zazikhona zimubona umama wazo egula.

Ngesikhathi abe-Daily Sun bezama ukuxhumana nala madodakazi, awazange aziphendule izingcingo.

Isihlobo salo mndeni sitshele abamaphepha ukuthi la mantombazane awasahlali ekhaya.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre de Jager waseVosloorus uthe balinde lo baba alulame bese bevula icala uma esekulungele ukunikeza amaphoyisa isitatimende sakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.