Izingane zitholakale zidlala ngosana olushonile emfuleni

2017-09-08 19:26

eGoli - Kutholakale isidumbu sosana sintanta emfuleni i-Jukskei, eGoli.

Lesi sidumbu sengane yomfana sitholakale ngemuva kokuthi kubonakale izingane ezine zidlala ngaso.

Ngokusho kwazo, isidumbu salolu sana besintanta emanzini.

Abezimo eziphuthumayo bathi lolu sana lunamasonto angu-18 luzelwe kanti isidumbu salo sihanjiswe kubahloli ukuze sihlolisiswe kahle.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Alex Newsikhansela lakuWadi 116, u-Adolph Marema, ubizelwe kule ndawo ngumholi wenhlangano eqapha umphakathi uMary Mamabolo ngemuva kokuzwa ngezingane ukuthi zithole isidumbu sosana.

OLUNYE UDABA:Siqubule umsindo isithombe sowesifazane eshiya usana esangweni lesikhungo

Ngesikhathi efika uMarema endaweni yesigameko, ushayele amaphoyisa ucingo wabe esexosha lezi zingane ebezidlala ngesidumbu.

"Kuyathusa kakhulu lokhu ngoba bengiqala ngqa ukubona isidumbu sengane. Lokhu kungenze ngabona kahle ukuthi kunabantu abangenalo nhlobo uzwelo la emphakathini," kusho yena.

UMamabolo uthi lezi zingane zithi bezifuna amaselesele ngesikhathi zizithela phezu kwesidumbu sosana.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.