Izingane ziziqophe zibulala inja ngesihluku

2016-07-21 08:06

Cape Town - Sekuvele ivideo ehlasimulisa umzimba yezingane zihlasela inja ngenkulu injabulo le yaze yafa.

Leli qembu lezingane zizwakala zikhuluma ngenkulu inhlokomo zithi: "Uzofa-uzofa," zisho ziphindelela ngaphambi kokuqala ukuyihlukumeza inja imizuzu engangeyisikhombisa, ziyikhahlela ziphinde ziyilengisa esihlahleni ngaphambi kokuyikhanda ngamatshe nezimbokodo.

OLUNYE UDABA: Isinde kukubi inja igwazwa obexabana nomnikazi wayo

Abahloli be-SPCA eCope of Good Hope bathe sebezihlonzile izingane kanti sekuvulwe necala lokuhlukumeza izilwane.

Isikhulumi sakwa-SPCA uTara McGovernsithe bezwa ngesigameko ngoLwesihlanu senzeka esigangeni eManenberg ngakuVygieskraal Road.

Kule video kubonakala izingane ezibalelwa emnyakeni ephakthi kwengu-7 nengu-17 ubudala zihudula inja ngentambo emqaleni wayo.

Lezi zingane ziphelezelwa yinja yohlobo lwe-Pitbull okuyiyo azaqala zayisasazela ngayo ukuze izohlasela le nja nazo zibeziyikhahlela ziphindelela.

Ipitbull ibe isiyihlasela isikhashana kodwa ngesikhathi kubonakala ukuthi ayiyibulali le enye inja, lezi zingane zabe seziyilengisa esihlahleni ngaphambi kokuyehlisa ziyikhande ngamatshe yaze yafa, kubika iCape Argus.

Kule video kuphinde kuzwakale omunye umfana ethi: "Yingakho kufanele nizigade kahle izinja zenu webantu."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.