Izinguquko ezenziwe uZuma zizolimaza ubudlelwane ne-SACP - Mantashe

2017-10-18 14:04

Johannesburg – UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthi izinguquko ezenziwe uMengameli Jacob Zuma kwiKhabhinethi, okubonakale kuzona kuxoshwa uBlade Nzima kwesokuba nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa, zizoba nomthelela ongemuhle phakathi kwe-ANC ne-SACP.

UMengameli umemezele izinguquko kwiKhabhinethi lakhe ngoLwesibili. Kulezi zinguquko kubonakale kushintshwa noNgqongqoshe abaqashwa ezinyangeni ezingu-8 ezedlule.

UMantashe uthi isinqumo sikaZuma sokuxosha umholi we-SACP uBlade Nzimande sishubise isimo esivele singesihle kumadlelandawonye.

OLUNYE UDABA: Kumele ngabe kudala akhishwa esikhundleni uNzimande - ANCYL eLimpopo

Uthi i-ANC ne-SACP besebeqala ukubuyisana.

Uthe lesi sinqumo sikaZuma sizokona wonke umsebenzi owenziwa emhlanganweni ababenawo ngemuva kwezinyanga eziningi bagcina ukuhlangana njengamadlelandawonye.

Uthi unethemba lokuthi uNzimande usazoqhubeka nokuba yilungu lePhalamende.

UMantashe uchaze ukuxoshwa kukaNzimande njengento edumazayo, wathi kwi-ANC uthathwa njengomuntu obaluleke kakhulu.

Ngakolunye uhlangothi, i-ANCYL eWestern Cape naseLimpopo iveze ukuthi liphume nobomvu ngokuxoshwa kukaNzimande ngoba ubengasawenzi umsebenzi wakhe ngendlela ngoba bekukhona "okumphazamisayo".

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.