Izinguquko kwabayihola emabhange imali yakwaSassa

2018-03-28 16:01

Cape Town - Labo abathola isibonelelo sikahulumeni ngokusebenzisa ikhadi lakwaSouth Africa Social Security Agency (Sassa) emabhange, bazokhokha inhlawulo ka-R10 yama-bank charges kusukela ngomhlaka-1 Ephreli.

Lokhu kuvezwe yiSocial Security Agency ePhalamende ngoLwesithathu, nebinikezela ngokuzokwenzeka mayelana nokuholwa kwezibonelelo zikahulumeni kusukela ngo-Ephreli.

NgoLwesihlanu, iNkantolo yoMthethosisekelo yalulela iCash Paymaster Services isikhathi sokuba izibonelelo ziholelwe abantu ngokheshi.

Kepha iSassa ikhala ngokuthi ukukhipha enye inkontileka yokuholela abantu ngokheshi kungase kuyilahlekisele.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abanamakhadi akwa-SASSA ngoshintsho

Ithi isezingxoxweni noMnyango woMgcinimafa nowezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi kwehliswe ama-bank charges abantu abangu-5.4 million abahola izibonelelo besebenzisa amakhadi akwaSassa, kepha okwamanje bazowakhokha.

Le nhlawulo imayelana nokuqhubeka kokusebenzisa iGrindrod Bank ngaphandle kwenkontileka kuze kube iPosi likulungele ukuthatha izintambo.

Amalungu ePhalamende awazange azamukele kahle lezi zindaba.

USihlalo uZoleka Capa uthe: “Akumele abantu abathola izibonelelo zikahulumeni bathwale kanzima ngenxa yamaphutha ethu."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.