Izinguquko zoKhozi FM: uZama Ngcobo noS'gqemeza bazohlukaniswa

2017-03-26 11:00

Durban - Kubikwa ukuthi luza nezinguquko ezinqala uKhozi FM ezinhlelweni zalo ezithile okuhlanganisa olwasekuseni nolwasemini phakathi nezinsuku, kanye nolwangoMgqibelo uSgiyangengoma. 

Imithombo ehlukene ipotshozele ILANGA LangeSonto ukuthi abasakazi bohlelo lwasekuseni iVuka Breakfast Show, uSipho "Sgqemeza" Mbatha, noZama Ngcobo, bazohlukaniswa. N

okho akukacaci ukuthi ngubani ozokhishwa, kusale bani.

Kukunye kulindeleke ushintsho nasohlelweni lukaNonhlanhla "Mroza" Buthelezi, iNethezeka noKhozi, olungena ngehora le-12 emini.

Imithombo iqhuba ngokuthi kuzophinde kube noguquko nasohlelweni uSgiyangengoma, lwangoMgqibelo emini, olusakazwa nguNgizwe Mchunu noBheka Mchunu. Kakukacaci ukuthi ngubani phakathi kwalaba basakazi ozokhishwa.

OLUNYE UDABA:Ukhozi FM "lulaxaze" umcimbi kaMroza

Lezi zindaba zivela-nje kulindeleke ukuthi kube nezinguquko ezithile kweminye imisakazo njengoba kuzoqala uMbasa, nokuyizinguquko ezenziwa minyaka yonke.

Kuyaziwa ukuthi uma sekusondela lesi sikhathi abanye abasakazi bagajwa wuvalo njengoba izinkontilaka zabo zisuke ziphela futhi bengazi ukuthi zizovuselelwa yini noma cha.

Basuke benovalo ngakho ukushintshwa ezinhlelweni abazisakazayo, bafakwe kwezinye mhlawumbe ezingenalo uhlonze njengalezo abasuke kade bezisakaza. 

UNkz Zandile Tembe ngesikhathi ethintwa yiLANGA LangeSonto uthe makuthintwe umphathi siteshi uMnu Bonga Mpanza, ongatholakalanga kumakhalekhukhwini wakhe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.