Izingwenya ziliqede nya ibhizinisi labaqwayizi eTshwane

2018-03-27 16:00

Johannesburg - Ngemuva kwemvula enamandla eyakhukhula wonke udoti emfuleni iMoretele eTshwane, abaqwayizi besebekulungele ukubuyela ehlathini beyoqhuba emsebenzi wabo.

NgoMgqibelo, umqwayizi wathatha ikhasimende lakhe baya nalo ehlathini ngasemfuleni kodwa kuthe kuphela umcimbi ngesikhathi bezwa into ekhwashazayo, kwathi uma bephakamisa amakhanda babona izingwenya ezimbili.

Lo mqwayizi utshele iDaily Sun ukuthi ikhasimende lakhe lavele ladla phansi, lihayiza.

OLUNYE UDABA:Abaqwayizi babambe inkunzi ikhehla eThekwini

Uthe ubeqala ukubona ingwenya ngamehlo akhe.

"Ngavele ngama, nganganyakaza. Ngangizitshela ukuthi izinkuni kodwa kwakungezona njengoba izingwenya zavele zanyakaza. Ozakwethu bajaha ikhasimende lami njengoba babezitshela ukuthi libalekela ukungakhokhi. Ngabachazela base beya ehlathini beyobheka."

Ozakwabo abatholanga lutho kodwa futhi babesaba ukuqhubeka nokubheka.

"Izingwenya sezisiphoqe ukuba sivale ibhizinisi lethu."

Nakuba abaqwayizi bekhalela ukulahlekelwa yibhizinisi labo, isakhamuzi saseSavannah, uMakoma Mohale, 37, uwamukele ngezandla ezimhlophe umsebenzi omuhle owenziwe yizingwenya.

"UBronkhorstpruit Road uhlanzekile, sibonga zona lezi zingwenya. Sekuphele iminyaka sikhala ngala baqwayizi kodwa kungenziwa lutho ngabo."

UMfundisi uGrace Moleko weDay of Pentecost Church uthe bakukhulekela ukuphepha nokuhlanzeka komgwaqo.

"UNkulunkulu uyiphendulile imithandazo yethu, wangenelela ngokuthumela izingwenya ukuba ziqede nya ngala manyala."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.