Izinhlangano zamatekisi zikhala ngesinqumo sikaBheki Cele

2018-03-28 16:01

Johannesburg - Izinhlangano ezimbili zamatekisi ezingaboni ngasolinye e-Eastern Cape, uNcedo neBorder Alliance, zizwakalise ukudumala ngesinqumo samaphoyisa sokumisa ukusebenza kwamatekisi emizileni emibili emikhulu.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele umise ukusebenza kwamatekisi ku-N2 phakathi kwaseMthatha nakuTsolo kanjalo naku-R61 phakathi kwaseMthatha nasePort St Johns ngenxa yodlame lwabamatekisi oluqhubekayo.

OLUNYE UDABA Kushone ababili engozini enyantisayo eKZN

UCele ubethamele umhlangano neNcedo Taxi Service Association kanye neBorder Alliance Taxi Association eMthatha, e-Eastern Cape.

Ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, bangaphezu kwabangu-60 abantu abashonile ngenxa yodlame oluphakathi kwalezi zinhlangano.

Usihlalo wenhlangano uNcedo, uZola Yolelo kanye nonobhala jikelele weBorder Alliance uVusumzi Mbewu bathi lesi sinqumo sizoyilimaza kakhulu le mboni.

Izinkulungwane zabagibeli zisale dengwane ngenxa yalesi sinqumo.


- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.