Izinhlelo zokubuyisela umzimba kaGugu Zulu kuleli

2016-07-19 16:01

Johannesburg – Kwenziwa amalunguselelo okubuyisela kuleli umzimba kalowo obengumshayeli wezimoto zomjaho, uGugu Zulu, sisuka eTanzania, lapho eshonele khona ngoMsombuluko.

Lokhu kushiwo yiNelson Mandela Foundation ngoLwesibili.

Laba abanye akade eqwala nabo intaba bazobuyela kuleli ngoLwesithathu, kusho okhulumela inhlangano uNeeran Naidoo esitatimendeni.

Isikhulu esiphezulu sale nhlangano uSello Hatang kuthiwa sinonkosikazi kaGugu, uLetshego Zulu, eTanzania.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umshayeli wezimoto zomjaho kuleli

UHatang uthi uLetshego ukhungatheke kakhulu ngokumehlele.

"Bengimazi kakhulu uGugu, yimi engamqoka ukuthi aqwale intaba iKilimanjaro. Silahlekelwe kakhulu ngaye. Ubesanesifo sokwenza eminye imisebenzi ehambelana neMandela Day.”

UHatang uthe basebenzisana neziphathimandla zakuleli nezaseTanzania mayelana nokubuyiselwa komzimba kaGugu kuleli.

UGugu Zulu, 38, ushone ngoMsombuluko eqwala le ntaba, ngemuva kokukhala ngenkinga yokuphefumula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.