Izinkulungwane zamaphoyisa azinazo izincwadi zokusebenzisa izibhamu

2017-09-05 17:59

Johannesburg – Angaphezu kuka-2 000 amaphoyisa aseGauteng angenazo izitifiketi noma izincwadi zokusebenzisa izibhamu, kusho uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uSizakele Nkosi-Malobane.

Lokhu kuvele ngesikhathi ephendula imibuzo abeyibhalelwe yilungu le-DA esiShayamthetho saseGauteng, uKate Lorimer.

ULorimer ubecele uNkosi-Malobane ukuba amnikeze imininingwane ngamaphoyisa asebenza ngaphandle kwezincwadi zokusebenzisa izibhamu.

Ubefuna ukwazi ukuthi asebenzela kuphi lawo maphoyisa nokuthi abambe ziphi izikhundla.

UNkosi-Malobane uthe isibalo samaphoyisa angenazo izincwadi simi ku-2 031 waphine wabalula iziteshi asebenzela kuzona lawo maphoyisa esifundazweni.

OLUNYE UDABA: Kulimale 5 wabantu iloli lishayisana netekisi

Emaphoyiseni angu-2 031 angenazo izincwadi zokusebenzisa izibhamu, angu-627 kuwona asebenzela eTshwane.

Ekurhuleni angu-351, eGoli angu-196, angu-45 e-Evaton, eSebokeng angu-49 angenazo izincwadi zokusebenzisa izibhamu.

UNkosi-Malobane uthe: “Isifundazwe asikwazanga ukuqhubeka nokuqeqesha amaphoyisa kwaze kwabayisonto lokuqala kuJulayi ngenxa yokuphela kwezinhlamvu ezikhungweni zokuqeqesha.”

Uthe kodwa kuzobizwa lawo maphoyisa athintekayo ukuba azoqeqeshelwa ukudubula, ukuqinisekisa ukuthi okwakumele baqeqeshwe baphinde bahlolwe ngoJulayi bayaqhubeka nohlelo olufanele.

- The Star

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.