Izinkulungwane zibhikishele ukuvalwa kwabokufika eMelika

2017-01-30 10:00

Dulles – Izinkulungwane zabantu zingenele umbhikisho ophikisana nesinqumo sikaMengameli omusha waseMelika, uDonald Trump, sokuvalwa nokuqiniswa kwemithetho kubantu bokufika abavakashela eMelika.

Lo mbhikisho ubuseDulles International Airport, eWashington, ngeSonto.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuqubuke imibhikisho ngaphambi kokugcotshwa kukaTrump

Imibhikisho efanayo ibiqhubeka ngaphandle kweWhite House kanye nakwezinye izindawo e-United States njengoba abantu bebethukuthele begane unwabu ngomyalelo kaTrump awusayine ngoLwesihlanu novimbela uphinde ubeke imigomo eqinile kulabo abahambela eMelika bevela kwamanye amazwe.

Lo myalelo kaTrump umise ukufika kwabantu basemazweni angaphandle okungenani izinsuku ezingu-120, abaseSyria bamiswa isikhathi esingaziwa – waphinde wavimbela izakhamuzi zase-Iran, ezase-Iraq, iseLibya, iseSomalia, iseSudan, kanye nezaseYemen isikhathi esiyizinsuku ezingu-90.

Ababhikishi abebephethe izingqwembe ezinemibhalo bebekhihla esikaNandi ngalesi sinqumo sikaTrump abathi sizobathikameza kakhulu.

Abanye bagxeke uTrump ngokucwasa abenkolo yamaSulumane kanye nokunakekela abangamaKristu.

Izithombe:

Izithombe ngabakwa-AFP.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.