Baningi abakhala ngobuholi beMeya yeTheku

2017-08-03 18:00

Durban - Ilindele umbiko ogcwele ngesimo sekaMasipala weTheku i-African Nayional Congress (ANC) KwaZulu-Natal emuva kokushiya kwezikhulu ezithile kulo masipala nezinsolo zokusetshenziswa kwemali yabakhokhi bentela budlabha.

Ngokuthola kweLANGA, i-ANC ilindele umbiko kwiMeya yeTheku, uZandile Gumede, ngesimo salo masipala ongomunye wabane abayizikhondlakhondla kuleli.

Sekuwumlando ukuthi iTshwane neJohannesburg bahlwithwe yiDemocratic Alliance (DA) kanjalo neNelson Mandela Bay.

OLUNYE UDABA:IMeya yeTheku ithi wonke amakhansela kumele akhulume isiZulu

Umthombo waleli phephandaba, ongaphakathi kuleli qembu ulipotshozele ukuthi i-ANC eThekwini ihlukene phakathi njengoba sekunamalungu afuna uGumede ashenxe esikhundleni esikhundleni kwazise kawagculisekile ngendlela awuphethe ngayo lo masipala.

"Kuzobe kuyinhlanhla uma esiqedile isikhathi sakhe sokuba yiMeya. Uma kwenzeka esiqeda, mancane amathuba okuba abuye," kusho lo mthombo.

Elinye ilungu, elicele ukungadalulwa, liveze ukuthi nobuholi obuphezulu esifundazweni kabusagculisekile ngobuholi bukaGumede.

"Kunezikhulu ezifuna uNomusa Dube-Ncube athathe isikhundla sobumeya. Ubuholi besifundazwe busalinde umbiko kanti uma bungagculisekile kungenzeka kube nezinguquko," kusho leli lungu.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMdumiseni Ntuli, ukuqinisekisile ukuthi bakhathazekile ngokubikwa ngalo masipala.

"Ngeke singakhathazeki njengoba uMasipala weTheku ungomkhulu esifundazweni ngakho kumele sizibonakalise kuwona ukuthi singakwazi ukuhola ngaphandle kwezihibe," kusho uNtuli.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.