Izinsolo zoshayasibhamu phezu kwebhilidi le-ANC, iLuthuli House

2017-04-07 14:01

Johannesburg – Isithombe salokho okubukeka njengonogada abatshalwe ophahleleni lwebhilidi eliyikomkhulu le-ANC, iLuthuli House, sesidale ukwesaba nezinsolo zokuthi empeleni bangoshayasbhamu abahlose ukudubula bekude.

Lokhu kwenzeke njengoba kunenqwaba yababhikishi ababebehlanganyele maphakathi nedolobha iGoli ngoLwesihlanu ekuseni njengengxenye yemibhikisho esabalele ezweni lonke ephikisana nobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Omunye wabantu abasebenzisa inkundla yezokuxhuma, iTwitter, uye wafaka isithombe ngoLwesihlanu ekuseni, nalapho kubonakala khona abantu abasophahleni, bencikile, bebheke phansi.

OLUNYE UDABA: Buka: Baphume ngobuningi bezovikela iLuthuli House

Lokhu kwenza abanye basale bezibuza ukuthi bekungabantu abahlose ukudubula bephezulu yini.

Kodwa-ke isithombe ebesifakwe ngaphambilini ngu-@Molatelo_Mak kuTwitter sibuye sasuswa ngokuhamba kwesikhathi.

Umthombo onolwazi ngokusebenza konogada utshele iNews24 ukuthi la bantu abatshalwe ophahleni lweLuthuli House bangamaphoyisa.

UColonel Athlenda Mathe, okhulumela obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uKhomotso Phahlane, uthe: "Asilukhiphi ulwazi lokusebenza. Ngaleyo ndlela angikwazi ukukuqinisekisa noma ngiphike”.

Ngale kwalokho, nomholi weDA ePhalamende, uMmusi Maimane, ubonakala egqoke okokuvikela inhlamvu (bullet proof vest) ngaphansi kwesikibha abesigqokile ngesikhathi efika emashini ebiseGoli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.