Izinsongo zokubulawa, umdonsiswano ezinkantolo embangweni wokuhola i-ANC

2017-08-30 09:31

Cape Town – Izinsongo zokubulawa kanye nomdonsiswano wasezinkantolo kuyizinkomba zombango oshisaphansi wokulawula i-African National Congress (ANC) njengoba izinhlangothi ezingaboni ngasolinye  zibhekene ngeziqu zamehlo ezifundazweni ngaphambi kokuba leli qembu likhethe umholi omusha ozothatha izintambo kuMengameli Jacob Zuma.

Esifundeni okuyisona esinamalungu emaningi e-ANC, KwaZulu-Natal, inkantolo kulindeleke ukuthi inqume ngenyanga ezayo esicelweni samanye amalungu aleli qembu sokuba kuguqulwe ukhetho lokukhetha ubuholi besifundazwe nalapho kwakhethwa khona abaholi abasondelene noZuma ngo-2015 kulandela lokho abakubiza ngokungahanjiswa kahle kohlelo. Esifundazweni iFree State, uSekela Sihlalo weqembu, uThabo Manyoni, ufuna ukungena esikhundleni salowo onguSihlalo wesifundazwe, u-Ace Magashule, omunye umlandeli kaMengameli Zuma osehole lesiya sifundazwe iminyaka engu-23.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Bafike ngobuningi enkantolo kwelokuphikisana nobuholi be-ANC eKZN

Noma ngabe ubani owina le midonsiswano eqhubekayo uzoya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu ngoDisemba eyimfivilithi ekubeni nomthelela ngekusasa leNingizimu Afrika kwezepolitiki. Labo abaseka uZuma bakhankasela lowo owayenguSihlalo we-African Union Commission, uNkosazana Dlamini-Zuma, futhi owayenguNkosikazi kaMengameli, ukuze ahole iqembu, ngesikhathi uManyoni kanye nezinye izikhulu ezinganeme KwaZulu-Natal zeseka uSekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, nongomunye ogaqele esobuMengameli.

“Uma ngabe imiphumela yokhetho lwango-2015 iguqulwa, kuzoba enkulu, enkulu impi, futhi kungaguqula izinto zisuke kwi-ANC kaZuma, futhi zisuke emkhankasweni kaDlamini-Zuma,” kusho uSusan Booysen, noyiPolitical Science Professor e-University of the Witwatersrand’s School of Governance, eJohannesburg. “Icala lasenkantolo lizonquma okukhulu, ayi nje kwi-ANC kodwa ngekusasa lezokhetho lweNingizimu Afrika.”

UManyoni uthi ukuba muncu kwesimo ngomkhankaso wakhe wokuhola i-ANC eFree State kukhombisa ngokusobala ukuthi umbango ushubilie.

“Kunezinsongo zokubulawa,” uManyoni usho kanjalo engxoxweni. “Angeke ngiyeke, i-ANC yilona kuphela ikhaya engilaziyo. Ngesikathi ngilwa nezinhlaka zobandlululo ngaleso sikhathi ngangazi ukuthi ngingase ngingaliboni ikusasa.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.