Izinsuku zenjabulo kuPirates seziyabuya - Matlaba

2017-08-22 12:31

Durban - UKaputeni we-Orlando Pirates, Thabo Matlaba, wenze isethembiso kubalandeli bale kilabhu njengoba sekunesikhathi eside bebaphoxa.

IBhakabhaka ijabulise abalandeli bayo ivula ngewini imidlalo ye-Absa Premiership ngokuguqisa iChippa United ngo-1-0 wegoli likaThamsanqa ‘Gandaganda’ Gabuza ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium eSoweto.

EzikaMagebhula kuzothi namhlanje ngoLwesibili ngo-19:30 zibuyele ensimini koweligi neBaroka FC ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IBhakabhaka ayizange yenze kahle ngesizini edlule njengoba beyiwukudla kwesibhaxu.

Ize yahluleka ngisho wukungena kwi-top 8, okuyinto ehlukumeze kakhulu abalandeli bayo.

Ngaphandle kwalokho bese bengcofwa yizimbangi zabo ngokungangeni kwi-top 8.

UMatlaba obephethe ibhande likakaputeni kulo mdlalo weChippa uthi noma kanjani manje ziyabuya izinsuku zenjabulo kubalandeli bale kilabhu.

OLUNYE UDABA: Useshiyile obengumethuli wezinhlelo zemidlalo kwaSABC

“Ngesizini edlule asizange sidlale kahle, into esilimaze kakhulu wukushintshashintsha kwabaqeqeshi.

“Njengoba sekukhona lo mqeqeshi (uMilutin “Micho’Sredojevic) ngifuna ukusho ukuthi injabulo iyeza.

“Ngethemba ukuthi umdlalo wethu neChippa uvezile kancane ukuthi kukhona into esiza nayo. Ngokuhamba kwesikhathi izinto zizohlangana kahle.

“Nakulo mdlalo weBaroka abalandeli bethu bazojabula noma kanjani. Sizowunqoba lo mdlalo. Besiyidinga le wini yeChippa ukuze siye kwiBaroka imimoya iphezulu.

“Noma kanjani sizodlula kuyona, sizoya kuleli khefu lamasonto amabili sinamaphuzu ayisithupha esikhwameni,” kusho uMatlaba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.