Izintatheli ezintathu eSABC zithweswe icala ngokuziphatha

2016-06-30 17:32

Johannesburg – Izintaheli ezintathu eSABC zizokwazi ngoLwesihlanu ngekusasa lazo kulandela ukuthweswa icala lokungaziphathi kahle ngoLwesine.

Ngokombiko we-Independent Media umdidiyeli omkhulu weSpecial Assignment uBusisiwe Ntuli, umdidiyeli wezindaba kwiSAfm uKrivani Pillay nentatheli ephezulu uJacques Steenkamp bathweswe icala lokukhuluma nabezindaba ngaphandle kokugunyazwa yizikhulu zabo.

Funda nalolu daba: I-EFF ithole amalungu amasha

Lokhu kungemuva kokuba bebhalele incwadi isikhulu seSABC uHlaudi Motsoeneng, bekhala ngokuhlungwa kwezindaba ezisakazelwa umphakathi.

Enye intatheli engafunanga kudalulwe igama layo ithe abakamiswa, basasemsebenzini kodwa bathweswe icala lokukhuluma nabezindaba.

Le ntatheli ithe ikomidi eliqondisa izigwegwe lizolalela lolu daba ngoLwesihlanu ekuseni, kubika i-Independent Media.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.