Izinto ezinhlanu okufanele uzazi ngoMroza

2017-01-04 14:31

Johannesburg - Selokhu lihlukanise unyaka iculo lamaskandi elithi Van Damme umculi uMroza ogama lakhe lokuzalwa nguSthembiso Alex Fakude usematheni.

Kodwa ke, ungubani lo mculi ongundaba mlonyeni?

UMroza uyinkunzi endala emculweni kamaskandi

Nakuba iningi labantu belingakaze lizwe ngoMroza ngaphambi kokuba iculo lakhe lihlukanise unyaka, lo mculi kudala awuqala umculo.

NgokweSowetan uMroza unama-album angu-6 kodwa ukukhishwa kweculo elithi Van Damme ngonyaka ophelile yikho okwamdumisa. 

OLUNYE UDABA: Washaya Maskandi kwahlehla yonke into kubulawa uVan Damme

Lo mculi uyahlonishwa eKZN

Iculo Van Damme laqala ukuzwakala emsakazweni Ukhozi FM ngemuva kwalokho lase lidlalwa kakhulu kuso lesi siteshi, kwathi ngemuva kwalokho lase liba ngamanye avotelwe ukuba ahlukanise unyaka.

IDaily Sun ibike ukuthi uMroza wathuthela eGoli ngo-2007 ngenhloso yokuyozama impilo engcono.

UMroza wayedayisa amakhambi emgwaqeni yaseGoli

Ngokusho kweDaily Sun lo mculi wakhuliswa wugogo wakhe eHluhluwe enyakathi yeKwaZulu-Natal. UMroza wayeziphilisa ngokudayisa amakhambi endaweni yaseFaraday.

UMroza usayindwe ngaphansi kwesitebele somculo iMabala Noise

Wayedayisa ama-CD ayezenzela wona emgwaqeni yaseGoli waze watholwa nguShobeni Khuzwayo weZingane Zoma. Ngemuva kwesikhashana uMroza wasayindwa yiMabala Noise ngesikhathi le nkampani iqala ukusebenza ngo-2016.

UMroza anifisela khona ukuthi nibambelele kulokho enikholelwa kukho

Iculo lakhe likaVan Damme, uMroza uqguqguzela abalandeli bakhe ukuba bakholwe wukuthi konke kuyenzeka, kubalwa nokulwisana nobunzima bobumpofu.

"Abantu ababoni ukuthi leli culo limayelana nokubhekana nazo zonke izimo umuntu ahlangabezana nazo nokuthi umuntu aqiniseke ukuthi akalilahli ithawula," kusho uMroza etshela abomosakazo Ukhozi FM, kubika iNew Age.

 - SundayWorld

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.