Izinxushuxhushu ngohambo lukaBabes Wodumo

2017-06-22 12:30

Johannesburg - Imibiko yabezindaba ithi umculi wakuleli uBongekile "Babes Wodumo" Simelane oqokelwe koweBest International: Africa kunzima ukuba athole izincwadi zokuya phesheya e-United States kuma-BET Awards azobanjwa ngoMsombuluko wangomhlaka-25 Juni.

Ngokusho komthombo we-IOL wasemahhovisi enxusa laseMelika, eThekwini, idalulele leli phephandaba ukuthi uBabes Wodumo noMampintsha bafike emahhovisini ngoLwesibili beyobhalisela i-Visa.

Nakuba kunjalo, ukufaka isicelo se-Visa yaseMelika kunenqubo ebanzi ebandakanya ukufaka isicelo osenza uma usuthole usuku oluhlelwa ezinsukwini ezingu-60 ngaphambi kosuku lohambo.

OLUNYE UDABA:Angidinganga isiNgisi ukuqokwa kuma-BET - Babes Wodumo

Lo mthombo uphinde wadalula ukuthi imenenja kaBabes Wodumo isicele nabantu abaqavile eThekwini ukuba basize uBabes athole iVisa.

Abahleli bama-BET Awards, iViacom International Media Networks Africa, nabo sebeyazi ngenkinga ebhekene noBabes kanti bazama konke okusemandleni ukumsiza ukuba athole izimfanelo zokuhamba ngokushesha.

Yize kunjalo, ihhovisi lenxusa laseMelika lithe izicelo ezikhethekile zibanjelwa abantu abaluleke kakhulu (VIP) kanti uBabes yena ungena ngaphansi kwabantu abajwayelekile.

Khonamanjalo, uNasty C naye oqokwe kuma-BET Awards, useseNew YorK.

INSTAGRAM:

Is it really "hard work" when you enjoy every second? ?? #NewYorkC ????????

A post shared by Ivyson (@nasty_csa) on

Izinhliziyo zabalandeli zibuhlungu ngodaba lukaBabes.

TWITTER:


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.