Izinyunyana zizobamba izingxoxo nomqashi ngenhloso yokuqeda isiteleka embonini yamabhasi

2018-04-24 12:32

Johannesburg - I-South African Transport and Allied Workers Union (Satawu) ikuqinisekisile ukuthi izobamba eziye izingxoxo ezizoholwa uMnyango wezabaSebenzi, ngoLwesibili.

Lokhu kuzokwenziwa ngenhloso yokuqeda isiteleka sabamabhasi esiqhubekayo kuzwelonke, nesesishiye inqwaba yabagibeli isele dengwane izinsuku eziyisikhombisa.

Izinyunyana ezimele abashayeli bamabhasi, okubalwa kuzona i-Satawu ne-Numsa, zifuna amaholo enyuswe ngo-9.5% onyakeni wokuqala wesivumelwano kanti umqashi ubeka etafuleni u-8.5%.

OLUNYE UDABA: Badedelwe ngebheyili ebebeboshelwe udlame emphakathini

UThemba Dyantyi weNumsa uthi kuyishwa ukuthi isiteleka silimaza kakhulu abagibeli, kodwa akukho okunye abangakwenza.

UDyantyi uthi: “Kulo nyaka, sithathe isinqumo sokuthi kuzomele lulungiswe lolu daba. Amaholo kule mboni kanye nezimo okusetshenzwa ngaphansi kwazo zisafana nezangesikhathi sobandlululo.

"Sikholelwa ukuthi kwintando yabantu kumele ngabe sesilubonile ushintsho.”

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.