Iziphathimandla zigasele emizini yakwaGupta eNdiya

2018-03-06 17:59

Pretoria – Kubikwa ukuthi iziphathimandla zigasele ezakhiweni zomndeni wakwaGupta eNdiya, okubalwa nomuzi wabo oseSaharanpur.

Kukholakala ukuthi abakwaGupta babaleka eNingizimu Afrika baya eNdiya ngesikhathi kuvela ukuthi oKlebe sebethole incwadi egunyaza ukuboshwa kwabo.

Amalungu omndeni kanye nabasebenzisana nawo lo mndeni bafuneka ngemacala okukhwabanisa nawenkohlakalo.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elabasolwa ngokubulala ababili eNgcobo

Ngokwemibiko, iziphathimandla zentela eNdiya zigasele emzini wakwaGupta oseSaharanpur nasethempelini elakhiwa yilo mndeni.

Intatheli yaseNdiya uNeha Poonia ifake ku-Twitter ukuthi kushaqwe inqwaba yemiqulu, kodwa asaziwa isizathu salokhu kugasela okwamanje.

UPoonia ubike ukuthi iziphathimandla ziyaphenya nangenkampani yakwaGupta, iSahara.

Akucaci ukuthi lokhu ngabe kuhlobene yini nophenyo loKlebe eNingizimu Afrika.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.