Izishoshovu ze-#UnitedBehind zizobamba imashi zifuna kuboshwe uZuma

2017-11-01 11:00

Cape Town – Izishoshovu ze-#UnitedBehind kulindeleke ukuba ngoLwesithathu zibambe imashi esuka eCentral Methodist Mission eGreenmarket Square, eKapa, ziye endaweni engadalulwanga zifuna ukuba kuboshwe uMengameli Jacob Zuma.

Umhleli wemashi, uBruce Baigrie, uthe imashi kulindeleke ukuba iqale emini.

UBaigrie uthe inhlangano yabo, njengamanye amaqembu ezombusazwe, nezinhlangano zomphakathi, sekunesikhathi ifuna ukuba uZuma ehle esikhundleni.

"Izinto ezisanda kuvela ngoZuma zokuthi wayeholelwa yizinkampani zikaRoy Moodley ezinenkohlakalo zisishiya kungekho okunye esingakwenza ngaphandle kokufuna ukuba kwenziwe okuthize ngokushesha,” kusho uBaigrie.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ikhansela ngokugwazisa abafuna imisebenzi

Ubekhuluma ngezinto ezidalulwe encwadini ebhalwe yilowo owayeyintatheli yeMedia24 uJacques Pauw, ethi uZuma wayeholelwa imali engu-R1m ngenyanga ngusomabhizinisi onguMoodley kodwa wangakuveza lokho kwi-South African Revenue Service (SARS).

"Uma sithi-#ArrestZuma, sisho ukuthi akaboshwe umengameli kanjalo nalabo abamvikelayo," kusho uBaigrie.

Uthe sekuphele amasonto inkantolo yokudluliswa kwamacala yayalela ukuba uZuma aphinde athweswe amacala kodwa namanje ubengakaboshwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.