Izithandani zaphoqa ona-14 ukuba alale namadoda angu-288

2016-08-15 16:02

Washington – Abezokuphepha eMelika bathungatha okungenzeka ukuba bayizisulu zokushushumbiswa kwabantu ngemuva kokuba intombazanyana ibike ukuthi kunezithandani ezayiphoqa ukuba ilale nabantu abalinganiselwa kwabangu-288, kubika iWashington Post.

Izithandani, okuthiwa zingo-Atuan Saran Rogers,34, noDierra Victoria Lee Thomas,19, zithweswe amacala ahlobene nokuqwayiza, kanti uphenyo luveza ukuthi le ntombazanyana yasebenzela lezi zithandani cishe izinyanga ezimbili nengxenye.

Izithandani kuthiwa zalutha le ntombazane ineminyaka engu-14 ubudala, ehhotela ngesikhathi ihamba nabangani bayo.

Funda nalolu daba: Ugwetshwe iminyaka emihlanu inja

Ngemuva kwalokho, yaphinde wahlangana nalezi zithandani yabe isizisebenzela, iqwayiza.

Ngaleso sikhathi isebenzela izithandani, intombazane ithi yayiphoqwa ukuba isebenze izinsuku ezine noma ezintathu ngesonto, ilala nabantu abangu-8 kuya kwabayishumi ngosuku.”

Intombazane ithi yayinganikezwa imali futhi yayishaywa uma ingafuni ukulala namakhasimende.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.