IZITHOMBE: Amaphoyisa aseMariannhill acela ukufuniswa laba

2017-07-29 08:37

Durban – Amaphoyisa aseMariannhill, entshonalanga neTheku, acela usizo lomphakathi ekufunisweni abantu ababili abadukile, kusho isitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Abalahlekile ngabaseThornwood naseSavannah Park, ngokwehlukana.

“Kucelwa ongaba nolwazi olungaholela ekutholakaleni kwabo ukuba ashayele amaphoyisa aseMariannhill, acele uWarrant Officer Joseph Sithebe kwethi 073 190 1442 noma ku-031 717 2090/1. Kungenjalo bashayele iCrime Stop ku-08600 1011,” kuqhuba isitatimende.

U-Eric Andrew Morris, 42, waduka ekhaya lakhe eliseThornwood ngomhlaka-25 Juni nonyaka, kanti akekho owaziyo ukuthi wayaphi nokuthi wahamba kanjani.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo ngengane elahlekile

“Wagcina ukubonakala egqoke ibhulukwe elimnyama, ijezi elinsundu kanye namateki amhlophe.

“Uphazamisekile ngokomqondo kanti wayejwayele ukuya kwaMamdikazi, eNagina,” ngokwesitatimende.

Omunye odukile nguSifiso Omega Mbatha, 26, wakuNgena Road eSavannah Park, kanti kuthiwa wahamba ekhaya ngomhlaka-15 Julayi nonyaka eyovakashela udadewabo eRichmond, ngaphanle kwaseMgungundlovu, kepha akazange afike kuye.

“Ngesikhathi elahleka wayegqoke ibhulukwe elimnyama, isikibha esimhlophe kanye namateki a-navy,” kuphetha isitatimende.

IZITHOMBE:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.