IZITHOMBE: Basinde ngokulambisa abagibeli itekisi ishayisana neloli

2018-02-27 18:01

eThekwini - Basinde ngokulambisa abantu abangu-14 ngesikhathi belimala kulandela ukuthi itekisi lishayisane neloli emgwaqeni onguthelawayeka u-N3.

Le ngozi eyenzeke ngoMsombuluko ntambama ishiye abantu bebambe ongezansi ngendlela itekisi ebelifahlazeke ngayo.

Kuyisimanga ukusinda kwabagibeli abebeseteskini ngesikhathi kwenzeka le ngozi ku-N3 ngaseKeyridge, eMgungundlovu.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola itekisi lisanamathele kuleli loli.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu ezimbili endizeni ephahlazekile

"Abagibeli abambalwa abebesetekisini batholakale bengaphandle kwetekisi kodwa bekungacacile kahle ukuthi ngabe bakhafulwe yitekisi noma bathole usizo ukuze baphume kuyo na," kusho abe-ER24 ngesitatimende.

Uyedwa umuntu olimale kabi kule ngozi njengoba abezimo eziphuthumayo bethi ushayeke amathambo ambalwa. Yena kanye nabanye abalimalile baphuthunyiswa esibhedlela.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.