IZITHOMBE: Bavelile abatholakale nezidakamizwa eKokstad

2018-03-12 16:00

eThekwini -  NgoLwesihlanu mhlazingu-9 Mashi 2018 amaphoyisa ophiko lweKokstad Vispol kanye nabeK9 aphume umkhankaso wokuqeda izinswelaboya ezidayisa izidakamizwa.

Leli thimba lihambe laze lafika erenki yamatekisi lapho kutholakale khona abasolwa bephethe amaphilisi angu-30 aMandrax, iwunga kanye nensangu.

Laba basolwa abathathu abaseminyakeni ephakathi kuka-24 no-57 ubudala baboshiwe kanti batholakale nemali engango- R1 0076.80 okukholakala ukuthi yinzuzo yokudayisa lezi zidakamizwa.

OLUNYE UDABA:Uyavela osolwa ngokuba ngushayasibhamu kwesokubulawa kwephoyisa lase-KZN

Abasolwa bavele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseKokstad ngokutholakala nezidakamizwa.

"Ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni kuyicala elibi, sibonga ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa ngemizamo yawo yokuqedwa ukudayiswa kwezidakamizwa emigweqeni," kusho iBamba likaKhomisana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.