IZITHOMBE: Ezabasolwa ngokucekela phansi impahla eMoses Mabhida

2018-05-07 14:06

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asesabalalise ngezithombe zenqwaba yabantu akholwa wukuthi angase asize ngophenyo kulandela isigameko esenzeka eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngenyanga edlule.

Amaphoyisa abophe abantu abane ngokubandakanyeka esigamekweni kulandela ukudliwa kweKaizer Chiefs ngo 2-0 idala neFree State Stars koweNedbank Cuo.

Okhulumela amaphoyisa uJay Naicker uthe amaphoyisa asazama ukuthola abanye abantu okukholakala ukuthi abyabandakanyeka.

"Sicela kulabo abasezithombeni ukuba baxhumane nabaseshi ngokushesha. Sicela namalungu omphakathi anolwazi ngabantu abasolekayo ukuba baxhumane namaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke kuboshwe abanye abasolwa ngokucekelwa phansi kwempahla eMoses Mabhida

"Yonke imininingwane izofihlwa kanti futhi labo abafisa ukuhlala bengaziwa bangenza kanjalo," kusho uNaicker.

UPhelelani Jojisa, uKhwezilomo Madiba, uSiphosenkosi Memela noSibongiseni Khumalo sebevelile eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.

Bonke badedelwe ngebheyili engu-R1 000 umuntu ngamunye, bazophinde bavele enkantolo ngomhlaka-25 Meyi 2018.

Kwalimala inqwaba yonogada ngesikhathi kugasela abalandeli enkundleni. Kwacekelwa phansi izinsiza zabezindaba nezasenkundleni yezemidlalo.Amalungu omphakathi nababekhona endaweni yesigameko banxuswa ukuba baxhumane noCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana ku-082 662 7764.

 - IZITHOMBE:

KZN police have released images of several persons

KZN police have released images of several persons

KZN police have released images of several persons

KZN police have released images of several persons

 - Izithombe zihlinzekwe ngamaphoyisa ophiko lweSouth African Police Services.

 - Twitter:

 - Newswatch

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.