IZITHOMBE: I-EFF ithi ikhethe ukugubhela e-KZN ngoba ifuna ukukhulisa iqembu

2017-07-29 13:01

Johannesburg  - I-Economic Freedom Fighters (EFF) ithi iqembu likhethe ukubambela imigubho yalo yeminyaka emine iqembu lasungulwa Kwa-Zulu Natal ngoba yacelwa abantu besifundazwe ukuba yenze njalo.

Leli qembu libambe imigubho yalo eCurries Fountain eThekwini lapho umholi weqembu, uJulius Malema, ezokhuluma khona nabalandeli.

Izinkulungwane zabalandeli be-EFF zithuthelene kule nkundla yezemidlalo ukuzobungaza lolu suku.

Leli qembu beliguduza isifundazwe sonke, laze layofika nasesigodlweni seSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, lapho lifike khona lanikela ngezinkomo.

Okhulumela iqembu, uMbuyiseni Ndlozi, uthi bazizwe bethobeke kakhulu.

“Abantu bayayidinga i-EFF, badinga elinye iqembu elingafezekisa izethembiso. Yingakho size lapha e-KZN ukuzama ukukhulisa iqembu kuzo zonke izifunda nezigodi.”

The birthday cake is already on stage as we wait for CIC. #EFFTurns4 @News24 pic.twitter.com/NDZuzJDckn

— Mxolisi Mngadi (@EmExDurban) July 29, 2017
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.