IZITHOMBE: IKaizer Chiefs ivakashelwe yizihlabani zabadlali baphesheya

2017-08-07 18:00

Cape Town - IKaizer Chiefs yamukele izihlabani zeNational Basketball Association (NBA), uJaylen Brown, weBoston Celtics; uHouston Rockets, weClint Capela, kanjalo nalawo owayengumdlali we-Arsenal kanye neBarcelona, uThierry Henry, nabebevakashele ekomkhulu laleli qembu, iKaizer Chiefs Village, ngoMgqibelo.

Laba dlali abathathu bebezulazula eKaizer Chiefs Village beholwa oyiMarketing Director yale kilabhu, uJessica Motaung, nobuye wajoyinwa uKaizer Motaung Junior, uSiphiwe ‘Shabba’ Tshabalala kanye noDaniel Cardoso.

UHenry, ujoyine lolu hambo ngenxa yothando lwakhe lwe-basketball. Lo mdlali ohamba phambili ngokushaya amagoli eFrance uzizwe ehloniphekile ikakhulukazi ngokuhlangana noKaizer Motaung uqobo lwakhe, waphinde wakhuluma kabanzi nalo sihlalo wale kilabhu ngokuzuza okuningi kwakhe ngesikhathi esadlalela i-Arsenal neBarcelona kanye nokuba yingxenye yeqembu elawina iNdebe yoMhlaba ngonyaka ka-1998.

OLUNYE UDABA: IChiefs ichithe umgadli obezozama inhlanhla

“Ngaqala ukudlalela iFrance ngibhekene neNingizimu Afrika futhi ngaqeda ukudlala kwami ebholeni lamazwe ngibhekene neqembu elifanayo,” kusho uHenry njengoba ecashunwe kanjalo yi-website yeqembu.

“Ngiyasazi futhi isibongo sakwaMotaung, ngoba kwakunomdlali owayebizwa ngoSizwe Motaung eqenjini.

“Ngijabule ngokuhlangana no-‘Shabba’ ngoba ngisalikhumbula igoli alishaya kubhekwene neMexico  ngeNdebe yoMhlaba ngo-2010, futhi kuhle ukuthi ugqoka ijezi elingunombolo 14, nokuyinombolo ekhethekile kumima,” kusho uHenry.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.