IZITHOMBE: Ingaphakathi lamahhovisi amasha ceke kaFacebook eGoli

2017-06-15 09:32

Johannesburg – Inkundla yezokuxhumana enkulu kunazo zonke emhlabeni jikelele, uFacebook, usuvule amahhovisi amasha sha eBryanston, eJohannesburg ngoLwesithathu. Leli bhilidi elisha lenziwe ngokukhethekile ngendlela le nkundla yezokuxhumana engaconsi phansi ebifuna ngayo.

UNunu Ntshingila, oyiNhloko yeFacebook Africa, uthi ukusebenza kwale nkampani ezwenikazi i-Afrika sekunyuke kakhulu njengoba baqala benabasebenzi abahlanu, futhi le nkampani ibidinga amahhovisi amakhulu, azokwazi ukwesekela izidingo ezikhethekile zaFacebook. Ngaphambilini lesi sikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana beseqashe amahovisi eMelrose Arch, eJohannesburg.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kutholakale izinguzunga ezimbili zamadayimane

Leli bhilidi elisha eliseBryanston lizomumatha abasebenzi bakuleli beFacebook, kanti liphinde lishaye ngenqwaba yamagumbi okubamba imihlangano navumela abasebenzi ukuthi bakwazi ukuxhumana nethimba laFacebook emhlabeni wonke.

Lama hhovisi aphinde akwazi nokusingatha omama abasanda kubeletha abasuke sebebuyela emsebenzini njengoba kunegumbi elikhethekile lomama. Zontathu izitezi zaleli bhilidi zigqize ngobuciko bakuleli. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.