IZITHOMBE: Iza eMzansi iBlackBerry ‘ehamba phambili ene-QWERTY’

2017-07-26 14:01

Johannesburg -  Esikhathini lapho iningi lama-smartphones sekwaba yizingcwephelezi ezibushelelezi, inkampani eyakha omakhalekhukhwini yaseCanada, uBlackBerry, kulindeleke ukuthi yethule ifoni entsha ceke eNingizimu Afrika eshaya ngezinkinobho ze-keyboard eyaziwa ngele-QWERTY ngesonto elizayo.

IBlackBerry KEYone yamenyezelwa ngaphambilini kulo nyaka eBarcelona, eSpain, ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yeMobile World Congress, kanti le nkampani isiveze ukuthi lo makhalekhukhwini ungase uqale ukutholakala kuleli kusukela ngesonto elizayo.

Le foni, ngaphambilini obekusetshenziswa igama elithi Mercury ukuyibiza, ishaya ngobuchwepheshe be-Android (operating system) kanti ngayo ukwazi ukufinyelela kuwo wonke ama-application eGoogle Play, ibhokisi elihlanganise yonke imiyalezo, iBlackBerry Hub, bese uphinde ukwazi ukuthola ama-updates akwaGoogle ezokuphepha.

I-KEYone ishaya nge-screen esingu-5-inch kanti ibonisa nezithombe ezicace bha njengoba ishaya ngo-1620×1080 weFull HD, bese kuthi i-sreeen sayo sivikelwe iCorning Gorilla Glass 4.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ifoni entsha sha yakwa-KFC ‘econsisa amathe’

I-battery yayo engu-3505 mAh iyona enkulu kakhulu eyake yaba khona emafonini akwaBlackBerry kanti ikwazi ukuthi emizuzwini engu-36 iqaliwe ukushajwa ifinyelele ku-50%.

Iphinde ishaye nangekhamera engu-12 megapixel engemuva esebenzisa i-sensor eyi-Sony IMX378 kanye nekhamera engu-8 megapixel engaphambili.

UBlackBerry uzishaya isifuba ngokuthi yakhiwe nge-software ye-Android ephephe kakhulu ukuwedlula wonke emhlabeni, i-Android 7.1 Nougat.

Iningi lochwepheshe be-Android  lithatha iKEYone njenge-smartphone ehamba phambili esebenzisa amabhathini aziwa nge-QWERTY – uma ngabe iqhathaniswa kuphela nama-smartphone akhishwe uNokia, uSamsung kanye noMotorola. 

ENingizimu Afrika, iKEYone kuzoba iyona kuphela i-smartphones ezoshaya ngobuchwepheshe be-QWERTY keyboard, kanti ngaphambilini le nkampani yathi le foni ingeyesizukulwane futhi yinto efunwa amakhasimende.

Le foni kulindeleke ukuthi ibize inani elicishe lifane namanye amafoni asezingeni eliphezulu okubalwa kuwo i-iPhone 7 Plus kanye neSamsung S7. Kodwa-ke bekungakamenyezelwa ukuthi le foni izobiza malini kuleli.

Zibonele izithombe zale foni ngezansi: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.