IZITHOMBE: Kuboshwelwe izinkakha koweZakifo eThekwini

2017-05-24 14:02

Durban - Sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuba uqale umcimbi obhekwe ngabomvu wezinsuku ezintathu eThekwini.

Lo mcimbi wasungulwa wuJerome Galabert ongumnikazi weZakifo Musik Festival eReunion Island ebambisene noSipho Sithole ongumnikazi weNative Rhythms kanye no-Andy Davis ongumnikazi nomhleli wephephabhuku iZigzag.

Abahleli balo mcimbi bavame ukuhlela imicimbi eyahlukahlukene ezindaweni eziningi ukubungaza i-Africa Month.

OLUNYE UDABA:OweKwaito ufuna amavoti ngenkomo

Kulo nyaka, lo mcimbi ubophele abaculi abathandwayo abadabuka emazweni afana ne-UK, Jamaica, USA, Belgium, France, Niger, Congo, Tanzania nabanye bakuleli.

Kubaculi abahamba phambili kubalwa uThandiswa Mazwai, iThe Soil, indodana kaBob Marley, uDamian Jr Gong Marley.

Uhlelo lwalo mcimbi kusukela ngoLwesihlanu:

Thandiswa Mazwai umculi wakuleli oshaya umculo we-Afro Soul ngesigqi sakwaXhosa,

Lu Dlamini (SA) umculi, umbhali wezingoma kanye nophrojusa ozinze eThekwini

Jobie Clarke (SA) umculi we-Afro Soul

Ray Phiri, inkakha yakuleli kumculo weJazz

Bombino (Agadez, Niger) umculi oshaya isiginci

Baloji (Belgium) Umrepha odabuka kwelaseCongo ngokuzalwa kodwa uzinze eBelgium

NgoMgqibelo:

Birdy Nam Nam (France) UDJ

Tiggs Da Author (UK) Umrepha nombhali wesingoma ongowaseTanzania ngokuzalwa

Gangs of Ballet (SA) Iqembu lakuleli elishaya iRock
Bongeziwe Mabandla (SA) Umculi, umbhali wezingoma zesintu

Nova Twins (UK) amawele ashaya umculo wohlobo lwe-punk

The Soil (SA) izintandokazi zakuleli ezishaya i-acappella

NgeSonto:

Damian Jr Gong Marley (USA/ Jamaica) indodana yomculi we-Reggae uBob Marley

Sax Machine (Fr / USA) iqembu elishaya uHip hop ethakwe ngesigqi se-Jazz ne-Funk

Petite Noir (Belgium / SA) Umculi nombhali wezingoma wakuleli

Kommanda Obbs: (SA / Lesotho) inqalabutho edabuka kwelaleLesotho eshaya umculo we- Ts'epe futhi ushaya nomculo wesintu ngesigqi se-Hip Hop

Easy Freak (SA) iqembu elizinze eThekwini elishaya i-electronic pop ne-R&B vibe.

Jojo Abot (Ghana) longa ngomdweni osebenzisa umculo ukudweba kanye nokuhaya izinkondlo

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.