IZITHOMBE: Kutholakale izinguzunga ezimbili zamadayimane

2017-06-12 18:00

London – Inkampani yezimayini iGem Diamonds ithole izinguzunga ezimbili zamadayimane ezingaphezu kuka-100 carats emayini eseLesotho, nokwenza le mayini edonsa kanzima ibe seduze nokuqeda isomiso sokuthola amatshe amakhulu.

IGem Diamonds igubhe leli dayimane elingu-104.73 carat lohlobo lwe-D colour Type IIa kanye nelingu-151.52 carat lohlobo lwe-Type I yellow, emayini yayo eseLetseng, le nkampani isho kanjalo esitatimendeni ngoMsombuluko.

Idayimane lohlobo lwe-Type IIa yilona elibiza kunawo wonke njengoba linama-atoms e-nitrogen amancane kakhulu noma angabi bikho nhlobo.

OLUNYE UDABA: Ibhange ladayisa indlu esikhokhelwe yaqedwa ngo-R10

Kuze kube yimanje, iGem Diamonds ibisabike ngokutholakala kwetshe elikhulu  elilodwa kulo nyaka – nelalingu-114 carat ngo-Ephreli.

ILetseng idume kakhulu ngobukhulu kanye nezinga eliphezulu lamatshe atholakala khona nalapho amanani awo evamise ukugijima ko-$2 000 i-carat ngayinye, nokuyinani elikhulu kakhulu kule mboni.

Kodwa-ke izinto bezilokhu zingahambi kahle kule nkampani kamuva njengoba ibilokhu ihluleka ukuthola amatshe amakhulu njengoba igcine ithole amatshe amahlanu nje kuphela amakhulu ngaphezu kuka-100 carats ngonyaka odlule, nokuyisibalo esingaphansi kwengxenye yamatshe eyawavundulula ngonyaka ka-2015. 

Zibonele izithombe zala madayimane lapha ngezansi: 

IDAYIMANDE 1: 104.73 carat D colour Type IIa diamond (Umthombo: Gem Diamonds)

IDAYIMANE 2: 151.52 carat Type I yellow diamond (Umthombo: Gem Diamonds)





Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.