IZITHOMBE: Kuthungathwa iziboshwa ezintathu ezeqe ePolokwane

2017-11-21 12:30

Polokwane – Iziboshwa ezintathu ebezilinde ukuqulwa kwamacala azo - okubalwa nowesilisa osolwa ngokusiza usomabhizinisi uRameez Patel ukuba abulale umama wakhe - zeqile esitokisini samaphoyisa ePolokwane, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.

"Lezi ziboshwa zeqe ngokuthi zisike uphahla," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.

UNgoepe uthe lezi ziboshwa zeqe phakathi kuka-05:00 no-06:00 ngoMsombuluko ekuseni.

Amaphoyisa asePolokwane kumanje aphume inqina athungatha lezi zibohswa ezintathu, esho.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngobungozi beziboshwa ezeqe ejele eMpangeni

Lezi ziboshwa ezeqile zihlonzwe njengo: 

 - Charls Chialana, 30, owaboshelwa icala lokugqekeza umuzi kanti futhi usolwa ngokusiza uPatel ukuba abulale umama wakhe; 
 - Steven Rasenakana, 19, waboshelwa icala lokuphanga umuzi; 
 - Peter Moyo, 26, waboshwa ngaphansi komthetho i-Immigration Act.

"Ithimba lamaphoyisa elijutshiwe, lisezithendeni zabo, kepha okwamanje bekungakaboshwa muntu," kusho uNgoepe.

Uthe luyaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa ukuthola ukuthi laba beqe kanjani esitokisini, esho.

Ube esecela noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba axhumane noCaptain Richard Boshomane ku-084 322 1341 noma axhumane nesiteshi samaphoyisa sangakubo.

IZITHOMBE:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.