IZITHOMBE: Kuvalwe u-N2 ngenxa yombhikisho wezakhamuzi zaseGroutville

2018-03-13 11:01

eThekwini - NgoMsombuluko umphakathi waseGroutville nezindawo ezakhelene nayo zingenele umbhikisho zikhala ngokungatholi izidingongqangi kusukela kuhulumeni.

Lo mphakathi uvale umgwaqo u-R102 ukhala kakhulukazi ngokungabi nawo ugesi.

Lo mbhikisho ujike wabamuncu ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi kudutshulwa abantu ababili.

Kuthiwa umshayeli wemoto encane ubezama ukuzivikela ngesikhathi ehlaselwa ngababhikishi wabe esevulela ngenhlamvu.

UPaul Herbest okhulumela abe-IPSS Medical Rescue uthe lo mshayeli uthe ubezama ukuvikela impilo yekhe ebisengcupheni ngesikhathi ehlaselwa.

"Kulimale oyedwa wababhikishi kanye nonogada osebenzela ibhizinisi eliseduze nendawo ebekubhikishelwa kuyona," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Isibhedlela sicubungula kabusha inkontileka yenkampani yonogada kulandela umbhikisho

NgoLwesibili ekuseni, lo mphakathi uqhubeke nombhikisho, wavala umgwaqo omkhulu u-N2 phakathi koMvoti neTinley Manor.

Abezimo eziphuthumayo kanye neziphathimandla zezomthetho zithi kuvalwe yomibili imizila ka-N2 kanti abashayeli bezimoto banxuswa ukuba bahambe ngezinye izindlela njengoba usavaliwe no-R102 ngaseThembeni.

Abezicishamlilo nabo bakhona kule ndawo njengoba basebenza ngokuzikhandla uKUcisha umlilo owokhelwe ngamathayi ku-N2.

IZITHOMBE:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.