IZITHOMBE: Luyaqhubeka uhlelo lwe-KZN Tourism Academy

2018-03-19 09:31

Durban - Abe-Tourism KZN baqhuba uhlelo lokuqinisa ubudlelwane phakathi kwabanikazi bamahhotela kanye nosomabhizinisi abasembonini yezokuvakasha.

Lolu hlelo lwe-KZN Tourism Academy lwaqala ngomhlaka-15 lapho abangama-tour operator abasuka ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe bahlanganyele nabanikazi bamahhotela amakhulu KwaZulu-Natal bethola ulwazi olunzulu ngezindawo ezinhle abangahambisa kuzo izivakashi.

Inhloso-ngqangi yalo mkhankaso wukuheha izivakashi eziningi kulesi sifundazwe nokufundisa abantu ngezinto abangazenza uma beseholidini.

OLUNYE UDABA:ITourism KZN nohlelo lokuqwashisa abasebenza kwezokuvakasha

NgeSonto kuhlukaniswe amathimba amane azovakashela emahhotela ahlukene benze nezinhlelo ezihlukene. AbeTKZN bathi abafuni abantu bagcine ngokufunda ngendawo, kodwa kumele bazibonele yona ngokwabo ukuze bezokwazi ukuheha izivakashi bazimemele ezindaweni abazaziyo.

Kulokhu bekuvakashelwe emahotela ahlukahlukene eDrakensburg-Midlands, Hluhluwe-Umfolozi kanye neSimangaliso Wetlands.

UXolani Shandu ongumnikazi we-African Wild Travel nokuyibhizinisi alisungula nomkakhe uthi bayawathokozela amathuba afana nalawa ngoba enza kubelula ukuba batshele futhi bacebise ngezindawo abangavakashela nokuyizindawo nabo abazaziyo.

"Thina sihlela amaphakheji ezokuvakashangakhoke ukuthola amathuba afana nalawa wokuxhumana nabaphaki bomsebenzi nokungamahhotela ahlukene kusisiza kakhulu. 

"Phela kumele utshele abantu ngento oyaziyo nawe."

Ihhotela i-Antbear eseDrankensberg nokuyilapho abeziNdaba24 befikele khona, yindawo epholile ongayivakashela uma uhamba nesithandwa sakho.

Le ndawo ikakwe yizintaba nokwenza kube ngenhle kakhulu uma ufuna ukubalekela isiphithiphithi samadolobha amakhulu.

Lapha udinga osondelene nenhliziyo yakho, yizibiliboco zenu ezimnandi nezigijimisa igazi kanye nempahla efudumele ngoba livame ukushubisa umkantsha ikakhulukazi ebusika.

Kunamagumbi angu-15 aqhelelene nokusho ukuthi ngeke uwuzwe umsindo wezinye izivakashi. Nizobonana kuphela endaweni yokudlela. Kunesonto elihle elithatha abantu abangu-100 kuphela nokuyindawo ehlekile kwabanesifiso sokubopha ifindo likasofasilahlane endaweni engajwayelekile.

Ungawakhohlwa amateki uma uze lapha khona nizoqwala kahle intaba nishaywe wumoya.

 - IZITHOMBE:

Image may contain: food and indoor

Image may contain: 2 people, people smiling, people sitting, people eating, table and indoor

Image may contain: grass, cloud, sky, tree, mountain, outdoor and nature

Image may contain: 1 person, standing, sky, tree, grass, outdoor and nature

Image may contain: mountain, sky, cloud, grass, tree, plant, outdoor and nature

Image may contain: one or more people, cloud, sky, grass, mountain, outdoor and nature

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.