IZITHOMBE: Mukhulu umonakalo odalwe yimvula eGoli

2018-03-23 09:31

Cape Town - Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli uWyne Minnaar ukuqinisekisile ukuvalwa kwengxenye ka-M1 ngenxa yesihlahla esivele sawela emgwaqeni.

EKlipspruit kubikwe ukuthi mibili imizi ehlaselwe yizikhukhula ngenxa yemvula yasebusuku.

Abezimo eziphuthumayo bamatasa ngokusika lesi sihlahla ukuze sizosuswa emgwaqeni.

Kunesiminyaminya emgwaqeni eminingi eGoli kanti emgwaqeni uMain Reef kukhona oshayiswe yimoto eginqike kuleyo ndawo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Bekunje emcimbini iWine Wednesday Picnic eThekwini

Abezimo eziphuthumayo babuye baxwayisa labo abahlala ezindaweni ezingezansi ukuba baqaphele kakhulu ngoba yizona ezivame ukuhlaselwa yizikhukhula.

Okhulumela abazimo eziphuthumayo kuMasipala uRobert Mulaudzi uthe kunemibiko yezikhukhula ebikwe eDiepsloot Extension 7 nasemijondolo yaseJackson eGoli.

Ayikho imibiko yabashonile kulezi zigameko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.