IZITHOMBE: Ngabe nguye umsolwa lo oshuthe neRolls-Royce eyebiwe?

2017-09-21 12:30

EGoli - Izithombe zowesilisa waseRiverlea emi phambi kwemoto kanokusho iRolls-Royce Ghost, zizungeza ezinkundleni zokuxhumana.

Kungenzeka ukuthi yisakhamuzi-nje sakule ndawo ebesithakasele ukubona le moto sase sithatha izithombe ezimbalwa, kodwa bakhona abathi uLeranzo Jones uyena odune le moto ngoLwesithathu.

Amaphoyisa awakholwa ukuthi nguye ngoba kuthiwa umsolwa okunguyena yena ushiye le moto kule ndawo ebalekela amaphoyisa.

Le moto ishiywe lapha ngemuva kokuthi idunwe eThe Glen ngoLwesithathu ekuseni.

OLUNYE UDABA:BUKA: Owesilisa uphucwe imoto waphonswa eweni e-KZN

Okhulumela amaphoyisa omgwaqo eGoli u-Edna Mamonyane uthe le moto kubikwe ukuthi yebiwe.

Umnikaze wendawo okwebiwe kuyo le moto utshele amaphoyisa ukuthi uyibone ihamba ku-N12, wayilandela yaze yayongena ku-N1 South kuthelawayeka uGolden Highway.

Amaphoyisa ajahe le moto ayithola ilaxazwe eRiverlea. Akuboshwanga muntu njengoba umsolwa ebaleke ngezinyawo wanyamalala phakathi kwemizi yakule ndawo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.