IZITHOMBE: OwaseThekwini uzakhele isipikha esisebenzisa iBluetooth

2017-08-28 12:33

Johannesburg – Owesilisa waseThekwini ufuna ukumisa kabi izinkampani ezinkulu zezobuchwepheshe ezifana noSamsung kanye ne-JVC ngesipikha sakhe esingambi eqolo azakhele ngokwakhe nesikwazi ukusebenzisa iBluetooth futhi i-battery yaso ekwazi ukuhlala izinsuku ezine.

USiyabonga Ndwalane wanquma ukuzenzela isipikha sakhe esisebenzisa iBluetooth – esibizwa ngeTurn UP – ngemuva kokuphoqeleka ukuthi athenge esinye ngemuva kwesinye ngemuva kokwephuka kwezipikha zakhe ezintathu.

“Ngangingeke  ngisithenge esesine – ngangino-R600 kuphela ephaketheni kodwa ngangidinga into yokuzijabulisa, ikakhulukazi uma ngabe ngigibele ibhayisekile ezitaladini zeTheku,” uNdwalane ubhale kanjalo esesikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT).

Esebenzisa izingcucu ezihlephukile zezipikha zakhe ezindaba, uNdawalane, wanquma ukuzakhela isiphikha sakhe, okukuqala wayezakhela ezikhwameni kanye nasezigincini ezihlephukile, kwaze kwaba ekugcineni uyathola ukuthi ipayipi lePVC yilona elihle kakhulu ekwakheni lezi zipikha.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kungenzeka ifanelwe ukubiza u-R18 499 iSamsung Note 8 entsha

“Ngasifaka ebhayisekeleni lami ngabe sengizulazula ngisidlala. Abantu baqala bangimisa futhi bengincoma ngaso; abanye babo babengakholwa ukuthi ngisenze ngokwami. Ngakuziba lokhu kuphawula ngoba ngazenzela ngokwami, kodwa ngemuva kokuthi abantu abalinganiselwa ku-30 bengicele ukuba ngibenzele esisodwa, nganquma ukuthi ngikuzame,” utshele iFin24.

UNdawalane uthi amakhasimende akhe okuqala kwakungonogada, abasebenzi basezindlini kanye nabanye abantu abahola kancane, nokwamphoqa ukuthi akhiqize lezi zipikha ngentengo ephansi.

“Ngafunda ukuthi izinkampani zezobuchwepheshe ezifana noSamsung zizakha kanjani izipikha zeBluetooth. Kwesinye isikhathi ukhokhela nje igama lenkampani yasemazweni,” kusho uNdawalane engeza ngokuthi abantu abakhela izipikha bajabule kakhulu ngomkhiqizo wakhe nokwenza ukuthi akhiqize eziningi.

Izipikha zakhe zishaya ngeBluetooth, isiteshi somsakazo (FM), indawo yokufaka i-SD card kanye nendawo yokufaka intambo ye auxiliary (aux).

Ngenyanga uthi wakha izipikha ezingu-100 kanti usevele usedayise ezingu-200.

“Iphupho lami ukuthi wonke umuzi ube nesisodwa salezi zipikha ezikhonekayo. Umsakazo kanye nomculo kubalulekile kubantu, njengoba bedinga ukuhlale bejatshuliswa futhi baziswa,” kusho uNdawalane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.